Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Kugobe uphondo kuhulumeni kwahlehla isikhumbuzo seSilo

Kugobe uphondo kuhulumeni kwahlehla isikhumbuzo seSilo
UGOBILE uphondo kuhulumeni waKwaZulu- Natal wagcina uwuhlehlisa umcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo obekufanele ube ngeSonto KwaCeza, oLundi. Uhulumeni waKwaZulu-Natal ubuhlele ukugubha iminyaka ewu-110 kwakhothama uMamonga woSuthu. UMgwazi kadinwa zingqapheli, wahlala esihlalweni sikayise ngo-1884 wakhothama ngo-1913 eneminyaka engu-45. Uhulumeni waKwaZulu- Natal ubumemezele ukuthi umcimbi uzoba ngoMashi 10. Bekulindeleke ukuthi umcimbi uthanyelwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini okuyisona esibusayo manje. Izolo Isolezwe lithole isitatimende sikaNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ethi iSilo sizobe singekho lapho. UMfundisi uButhelezi uthe isizathu wukuthi kukhona izinto ezingaxoxwanga kahle neSilo ngalo mcimbi. “Ngenxa yemibuzo eminingi yabezindaba, iSilo sithe angidlulise umyalezo wokuthi ngeke sibe khona emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu ozoba ngoMashi 10. Akekho umuntu ovela endlunkulu ozomela iSilo. ISilo siyawuthokozela umcimbi kodwa kufanele kuxoxwe naso ngendaba yesikhathi nendawo,’’ kusho uButhelezi. Emuva kwalokhu Isolezwe lithole ngezingede zalo ukuthi umcimbi uhlehlile. Isolezwe libone…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.