Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Sebezivocavoca kuWhatsApp abesifazane

Sebezivocavoca kuWhatsApp abesifazane
UGQUGQUZELA abesifazane ukuba basebenzise izinkundla zokuxhumana ukuzithuthukisa, uNksz Nondumiso Mkhize (32) ojimisa abesifazane kwiWhatsApp. UNksz Mkhize waseWilliowfontein, eMgungundlovu, uthe wabona kungcono ukusungula iqoqo leWhatsApp ukuze abesifazane bakwazi ukuzivocavoca noma ngabe bakuphi. “Ngiwumuntu othanda ukuzivocavoca. Kudala besijima sibaningi kodwa saqhelelana ngenxa yemisebenzi. Ngibe sengifikelwa umcabango wokuvula i-WhatsApp group ukuze sizivocavoce ngokuhlanganyela noma ngabe sikuphi. Kubalulekile ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzithuthukisa,” kuchaza uNksz Mkhize. Uveze ukuthi okumgqugquzele kakhulu ukuba asungule ijimu kuWhatsApp wukuthi ngesikhathi somvalelandlini weCovid-19, abantu bebexhumana kalula ngeWhatsApp njengoba babengavumelekile ukuphuma ezindlini. “Asisekho isidingo sokucasha ngokuthi awukwazi ukuzivocavoca ngoba sinazo izinhlelo zokuzivocavoca kwiWhatsApp nakwezinye izinkundla zokuxhumana. Kubalulekile ukuthi ube nenhloso ethile ozivocavocela yona. Kungaba wukuthi ufuna ukuphila kahle, kube wukuthi ufuna ukuncipha nokunye osuke uzibekele kona,” kusho uNksz Mkhize. Uthe ukuzivocavoca kugcina umzimba uphile kahle ngoba ojimayo uyagqugquzeleka ukuphuza amanzi nokudla…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.