Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

UCijimpi usale ekhubekile beyeka ithuba lokukhuphuka

NAKUBA umqeqeshi waMaZulu FC uPablo Franco Martin ephoxekile ngokuthi balahle amaphuzu umdlalo usuyophela ngesikhathi bebhekene neMoroka Swallows, ikhona intuthuko ayibonayo kwezakhe. Usuthu ludlale ngokulingana ngo 1-1 neZinyoni emdlalweni weDStv Premiership obuseKing Zwelithini Stadium ngoLwesibili ebusuku. Igoli laMazulu lishaywe nguRiaan Hanamub maphakathi nesiwombe sesibili, elokulinganisa leSwallows lavalelwa ngu-Augustine Mahlonoko ngesikhathi esengezwe ngunompempe. “Lona ngomunye wemidlalo ophuma kuwona uzizwa sengathi uhluliwe, yize silahle amaphuzu amabili. Kufanele futhi sikhumbule ukuthi ekuqaleni kwesizini sidlale neSwallows yasihlula kodwa namuhla kukhona esikutholile. Akwanele kodwa ngoba besiwafuna womathathu amaphuzu. Siyazi ukuthi kuzoba nzima kangakanani kulo mzuliswano wesibili wesizini. Uma sinethuba lokuqoqa amaphuzu akufanele siliyeke,” kusho uFranco Martin. Usuthu seluqoqe amaphuzu angu-23 emidlalweni engu-19. Ukube belubuye namaphuzu aphelele koweSwallows beluzonyukela endaweni yesikhombisa. UFranco Martin, oteketiswa ngelikaCijimpi, uthe ngeke kusasiza ukukhalela amaphuzu alahlekile kodwa sebebheke ukubhukula emdlalweni olandelayo abazowudlala…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.