Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Uchithe isicelo sebheyili osolwa ngokubulala

USHALAZELE isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ngesihluku indodakazi yakwamakhelwane, isidumbu sayo esitholwe sisongwe ngengubo yokulala emotweni kayise okuthiwa wayeyiphuthumisa esibhedlela, esigamekweni esenzeke eManzimtoti, ngesonto eledlule. INkantolo yeMantshi yaseMbumbulu inqume ukulihlehlisela u- Ephreli 4 icala elibhekene noMnuz Mzo Mkhize (33) osolwa ngokubulawa kukaThobeka Radebe (19). Kuthiwa uboshwe ngoMgqibelo ebhace eClairwood kanti unyamalale emva kokubhadanywa nguyise kamgilwa egwaza indodakazi yakhe okuthiwa yayisele yodwa kubo, abazali besemsebenzini, izingane ezincane zakwabo zisesikoleni. UMnuz Aggripa Radebe uyise kamgilwa ekhuluma neSolezwe emva kokuhlehliswa kwecala, uthe ukunqaba kwakhe ukuphuma ngebheyili mhlawumbe kumsizile njengoba bebaningi abasamdinelwe ngalesi senzo. “Bekuzoba nzima ukumbona njengoba kuwumuntu ohlala emzini osondelene nasekhaya. Engingakusho ukuthi uzisize yena ngokungayiceli ibheyili ngoba angazi besizombhekelwa ubani,” kusho uRadebe. Uqinisekise ukuthi uThobeka ufihlwe ngoMgqibelo. URadebe ofundisa esikoleni Isipingo Beach, uthe ngosuku lwesigameko wajika esesemsebenzini ngoba ezizwa eshiywa yigazi, wacela…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.