Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Zilale emnyango izitshudeni ezikhishwe eflethini

Zilale emnyango izitshudeni ezikhishwe eflethini
IKHISHWE ngendlakadla ezindlini zazo izitshudeni zaseThekwini TVET College, ophikweni uMbilo College ngoba kuthiwa asizikhokhelile isikhwama esixhasa izitshudeni, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). Izitshudeni okuthiwa zibalelwa ku-120, zithi zilale emgwaqweni zaqhuqhwa amakhaza zanethwa yimvula. Ngesikhathi zikhuluma neSolezwe zibalise ngobunzima ezizithole zibhekene nabo. Izitshudeni ezikhulume neSolezwe ziveze ukuthi zithole umyalezo kumaselula azo obuzazisa ngokuthi maziphume ezindlini ngoba iNSFAS ayizikhokhelile. Isolezwe liwubonile umyalezo othunyelelwe izitshudeni uzazisa ngokuthi aziphume eflethini ngoba azikhokheliwe. UNomasonto Khawula (23) ofunda kuleli kolishi, uthe bayitholile imiyalezo kodwa bangaphuma. Uthe kodwa ngoLwesibili bagcine sebekhishwa ngendluzula ngabantu abangabazi. “Ibuhlungu kakhulu le nto esehlele. Silale emgwaqweni saqhuqhwa ngamakhaza. Okubuhlungu kakhulu ukuthi sigcine sesinethwa nayimvula,'' usho kanje. Lezi zitshudeni ziveze ukuthi bese zihlale inyanga kuleli flethi. USlindile Ngcamu (22) naye ofunda kulesi sikhungo ubalise ngobuhlungu abadlule kubona. Uthe abasazi manje ukuthi bazothathani…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.