Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Abanandaba nawe nomndeni wakho abe-ANC uma usushonile

MHLELI: Seliqalile igxabha lokhetho liza neziyaluyalu. Kubhubhe abantu kuyiwa embuthanweni wokugubha eMbombela, eMpumalanga, kwabhubha abanye eDumbe, bephuma eralini eMoses Mabhida eThekwini. Balale ngoxolo, sikhalela imindeni yabo. Abantu abayeke ukunqamula izinkalo kuyiwe emibuthanweni ephetha ngosizi nomunyu ekugcineni imindeni yabo ingatholi lutho. Ukuthi awuyanga eMabhida ebukeka iwumthombo onamanzi anonemfu muva nje akuchazi ukuthi ngeke uvote. Inkulumo kaNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, ayisho ngemuva kwesigameko saseDumbe yashaqisa. UMaBhengu ezwakalisa isililo ngababhubha wathi: “Bangamasosha afele empini.” Ungathi imindeni yabo kukhona ezokuthola ngalokho kanti lutho. Amasosha amaBhunu ayelwa nabantu abamnyama kubangwa izwe, aklonyeliswa ngodedangendlale womhlaba, obiyelwe uhulumeni, wawaxhasa nangezinsiza kusebenza. Nanamuhla nje isizukulwane sawo sinamapulazi nje akhelwe kuleso sisekelo kodwa kithina ‘‘uyi-comrade’’ nxa usaphila sinawe enhlanganweni, washona kuphelile, nomndeni wakho awunakwa. UDkt Pixley ka-Isaka Seme owasungula i-ANC umndeni wakhe okumele ngabe udla imihlomulo yangunaphakade embuthweni wesizwe awunakiwe…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.