Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Bangena ezintangeni bangaphumi nasigabe aboKhozi ngomncintiswano

MHLELI: Ngicela ukudlulisa imizwa yami ngomncintiswano wesikhondlakhondla somsakazo uKhozi FM wabantu abenza kahle ezindaweni abahlala kuzo. Umncintiswano ube nesasasa cishe kuyona yonke eyoKhozi engiyaziyo kwazise nemiklomelo yakhona ibiheha kakhulu, kanti nenhloso yawo ibikubeka kucace ukuthi kugqugquzelwa umphakathi ukuthi ube yingxenye yokuthuthukiswa kwezindawo zawo. Umncintiswano uqale ngoJuni 1, 2023, wabe usuvalwa ngo-Agasti 2, 2023. Isiqubulo somncintiswano besithi #ukhozifm63 kwazise lo msakazo ubuqeda iminyaka ewu-63 waba khona. Umsakazo uhlabe ikhwelo ucela imiphakathi iphakamise abantu abenza kahle ezindaweni zawo, nempela kwabe igcagcele esokeni kubantu. Ngibe ngomunye othole ithuba eliyingqayizivele lokuqokwa endaweni yangakithi. UKhozi FM luphinde lwasibizela kwinhlolokhono ebiyenziwa bukhoma khona ezinhlelweni zomsakazo ezahlukene ukuze sicacise ngesikwenzayo okuhle. Umphakathi usivotele ubuthaphuthaphu emva kokuzwa okuhle esikwenzayo, umyalezo ngamunye ububiza uR1.50, kanti ubuvota noma ikangaki. Isikhalo sami ukuthi kuze kube namuhla angiyazi imiphumela yalowo mncintiswano ukuthi…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.