Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Akuphuthunyiswe uphenyo ngoMapisa-Nqakula

ZIYAKHATHAZA izinsolo ezibhekene noSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, okuthiwa ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuVikela wagwazelwa ngoR2.3 million. Izinsolo ezenziwa ngusomabhizinisi wemboni yezokuvikela, uNkk Nombasa Ntsondwa-Ndhlovu, zifuna ukuphenywa ngokushesha. Ngale kokuthi kuthiwa noKlebe bayaphenya, kuzolekelela nokuthi udaba selubikwe kwiJoint Committee on Ethics and Members’ Interests ukuze nohlaka lwePhalamende luphenye izinsolo ngesivinini. Kufanele kuvikelwe isithunzi nobuqotho bezinhlaka zePhalamende ngokuthi abasolwa ngenkohlakalo baphendule futhi bathathelwe izinyathelo uma kunobufakazi bokuthi bephule umthetho. Kuvumbuka lezi zinsolo nje, kunomunye umsanka ngoNkk Mapisa-Nqakula njengoba esolwa ngokukhuphula umhlomulo kamabhalane wePhalamende, uMnuz Xolile George, ngo-70%. UGeorge ususwe isinyenyela kuR2.6 million ngonyaka wabekwa kuR4.4 million okuyinkece engaphezulu kwecoshwa nguMengameli Cyril Ramaphosa. Amaqembu aphikisayo ePhalamende athe abengakwazi lokhu, ashaqekile ngoba kuphambene nemigomo yokungagodlwa kolwazi ezikhungweni zikahulumeni. Ukuqhuba ngalulo hlobo kuqubula izinsolo zokungathembeki kwabaphethe. USomlomo wePhalamende uthwele ijoka lokusekela imigomo yokungafihli lutho, ubuqotho nokumela…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.