Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

UNyazi aluqede ngemikhuba ethunaza isithunzi sebandla

MHLELI: Ngithanda ukuphawula ngodaba olusematheni kulezi zinsuku lapho uMfundisi Ntombela ememezele khona ukuthi akusavumelekile ukuhlatshelelwa kwezingoma ezingekho ezihlabelelweni zikaShembe ezingu-242. Lokhu uNtombela ukusho sengathi kwake kwavumeleka ukuthi kwenziwe kanti cha akukaze nakanye nje. Kuyaziwa ukuthi lezi zihlabelelo zalotshwa ngaphansi kobuholi boMqaliwendlela, uBhombela futhi kuyaziwa ukuthi zazifika kuBhombela ebhekile ezinye zifike elele zihlatshelelwa ngabantu basezulwini. Ezinye zalotshwa ngesikhathi ibandla seliholwa yiNkosi yesibili Ilanga (J.G Shembe) kwase kumiswa umthetho othi ebandleni umuntu onguMnazaretha akavumelekile ukuhlabelela isihlabelelo esingekho kwezingu-242 uma enza lokho uyobe engumhlubuki. Kwathi ibandla seliholwa yiNkosi Inyangayezulu (A.K Shembe) yakhuluma phakathi ebandleni yathi izihlabelelo ezingu-242 ezabhalwa ngubaba esho uBhombela nezabhalwa yiNkosi yaseKuphakameni esho Ilanga yathi zenele thina asizukuqamba zihlabelelo. Kwafika uThingolwenkosazane (M.V Shembe) nakulo akuzange kuze kuqanjwe zingoma. Kusimangazile-ke uma sekukhotheme uThingo saqala sezwa kuhlatshelelwa izihlabelelo esingazazi ukuthi ngezakusiphi isihogo nokuthi…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.