Magzter Gold (Sitewide CA)
Isolezwe (Digital)

Isolezwe (Digital)

1 Issue, 2024-03-07

Also available on
Zinio Unlimited logo
1-month free trial

Get unlimited access to this article, this issue, + back issues & 5,000+ other magazines.

Renews at just $8.99/month after trial.

Cancel anytime.
Learn more

Ithemba empini yobugebengu kulungiswa eye-10111

KUNENHLANSI yethemba empini yokulwa nobugebengu kuleli njengoba kunezinhlelo zokulungiswa kwesikhungo okubikwa kusona ubugebengu kuleli i-10111. Lokhu kuvezwe nguMqondisi jikelele eHhovisi likaMengameli, uNksz Phindile Baleni, neNhloko yoKlebe uLieutenant General Godfrey Lebeya, abathe maduzane umphakathi uzokwazi ukusebenzisa le nombolo ukubika izehlakalo zobugebengu. ULebeya uthe lokhu bakwenza ngokuhlanganyela nosomabhizinisi bakuleli. “Sifuna ukusishintsha lesi sikhungo ukuze umphakathi ukwazi ukuqhubeka ubike amacala obugebengu. Lezi ngezinye zezinhlelo zokuqinisa ukulwa nobugebengu kuleli.” Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikhungo sibhekene nezinkinga njengoba kuke kuphele isikhathi singasebenzi, abantu bangakwazi ukubika amacala. UNksz Baleni utshele abezindaba izolo ukuthi mkhulu umsebenzi osuwenziwe ngaphansi kobudlelwano abanabo nosomabhizinisi emkhakheni ehlukene okubalwa nokulwa nobugebengu kuleli. Uthe kuhle ukuthi labo somabhizinisi bafaka isandla empini yokulwa nobugebengu kuleli. “Indaba yesikhungo i-10111 ngenye yezinto ezolungiswa ukuze kuqiniswe impi yokulwa nobugebengu. Uma sekulungiswe yonke into sizovivinya indaba yalesi sikhungo ekomkhulu…
You're reading a preview of
Isolezwe (Digital) - 1 Issue, 2024-03-07

DiscountMags is a licensed distributor (not a publisher) of the above content and Publication through Zinio LLC. Accordingly, we have no editorial control over the Publications. Any opinions, advice, statements, services, offers or other information or content expressed or made available by third parties, including those made in Publications offered on our website, are those of the respective author(s) or publisher(s) and not of DiscountMags. DiscountMags does not guarantee the accuracy, completeness, truthfulness, or usefulness of all or any portion of any publication or any services or offers made by third parties, nor will we be liable for any loss or damage caused by your reliance on information contained in any Publication, or your use of services offered, or your acceptance of any offers made through the Service or the Publications. For content removal requests, please contact Zinio.

© 1999 – 2025 DiscountMags.com All rights reserved.